2 Amakhosi 12:2-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. UJehowashi wenza okulungile emehlweni kaJehova izinsuku zakhe zonke uJehoyada umpristi amfundisa ngazo.

3. Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.

4. UJehowashi wathi kubapristi: “Lonke isiliva lezinto ezingcwele elingeniswa endlini kaJehova, imali eyamukelekayo, imali yilowo nalowo muntu alinganiselwe yona, nemali yonke okuvela enhliziyweni yomuntu ukuba ayilethe endlini kaJehova,

5. makuthathwe ngabapristi, kube yilowo nalowo kumngane wakhe, balungise izimfa zendlu, yonke indawo lapho kungafumaniseka khona ufa.”

6. Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nantathu wenkosi uJehowashi abapristi babengakazilungisi izimfa zendlu.

7. Inkosi uJehowashi yayisibiza uJehoyada umpristi nabanye abapristi, yathi kubo: “Anilungisi ngani izimfa zendlu na? Ngalokho ningabe nisathatha imali yabangane benu, kepha niyinikelele izimfa zendlu.”

8. Abapristi bavuma ukuba bangabe besamukela imali kubantu, futhi bangazilungisi izimfa zendlu.

2 Amakhosi 12