2 Amakhosi 12:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngomnyaka wesikhombisa kaJehu uJehowashi waba yinkosi, wabusa iminyaka engamashumi amane eJerusalema; igama likanina lalinguSibiya waseBeri Sheba.

2. UJehowashi wenza okulungile emehlweni kaJehova izinsuku zakhe zonke uJehoyada umpristi amfundisa ngazo.

3. Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.

4. UJehowashi wathi kubapristi: “Lonke isiliva lezinto ezingcwele elingeniswa endlini kaJehova, imali eyamukelekayo, imali yilowo nalowo muntu alinganiselwe yona, nemali yonke okuvela enhliziyweni yomuntu ukuba ayilethe endlini kaJehova,

2 Amakhosi 12