20. UDavide wathatha zonke izimvu nezinkomo; baziqhuba phambi kwakhe, bathi: “Yimpango kaDavide le.”
21. UDavide wafika kulabo bantu abangamakhulu amabili ababezukekile, bengenakumlandela uDavide, ababebahlalisile ngasemfudlaneni iBesori; baphuma ukumhlangabeza uDavide nokuhlangabeza abantu ababenaye; uDavide esesondela kubantu wababingelela.
22. Base bethatha bonke abantu ababi nabonakeleyo kulabo ababehamba noDavide, bathi: “Njengokuba bengahambanga nathi, asiyikubanika lutho empangweni esiyikhululile, kuphela ukuba yileyo naleyo ndoda inikwe umkayo nabantwana bayo, bamuke nabo, bahambe.”
23. Wayesethi uDavide: “Aniyikwenza kanjalo, bafowethu, ngalokho esikuphiwe nguJehova osilondolozile, wanikela esandleni sethu iviyo elasihlasela.
24. Ngubani oyakunilalela kule ndaba na? Ngokuba njengesabelo sowehlele empini siyakuba njalo isabelo salowo owasala nempahla; bayakwabelwa ngokulingeneyo.”
25. Kwaba njalo kusukela kulolo suku kuya phambili; wamisa isimiso nomthetho kwa-Israyeli kuze kube namuhla.
26. UDavide esefike eSikilagi wathuma enye impango kumalunga akwaJuda nakubo abangane bakhe, ethi: “Bhekani, naso isipho senu sempango yezitha zikaJehova:”
27. kwabaseBethele, nakwabaseRamoti laseNingizimu, nakwabaseJatiri,
28. nakwabase-Aroweri, nakwabaseSifimoti, nakwabase-Eshitemowa,
29. nakwabaseRakali, nakwabasemizini yamaJerameli, nakwabasemizini yamaKheni,