1 Usamuweli 30:15-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. UDavide wathi kuye: “Ungangehlisela kulelo viyo na?”Wathi: “Funga kimi uNkulunkulu ukuthi awuyikungibulala, unganginikeli ezandleni zenkosi yami, ngiyakukwehlisela kulelo viyo.”

16. Wayesemehlisa; bheka, babehlakazekile endaweni yonke, bedla, bephuza, besina phakathi kwayo yonke impango ababeyithathile ezweni lamaFilisti nasezweni lakwaJuda.

17. UDavide wababulala kusukela ekuhweleleni kuze kuhlwe ngangomuso, akwaphunyuka muntu kubo, kuphela izinsizwa ezingamakhulu amane ezazikhwela amakamela, zabaleka.

18. UDavide wakhulula konke okwakuthathwe ngama-Amaleki, uDavide wakhulula nawomkakhe bobabili.

19. Akwasilala muntu, omncane noma omkhulu, namadodana noma amadodakazi, nempango noma okunye ababezithathele khona; uDavide wabuyisa konke.

20. UDavide wathatha zonke izimvu nezinkomo; baziqhuba phambi kwakhe, bathi: “Yimpango kaDavide le.”

21. UDavide wafika kulabo bantu abangamakhulu amabili ababezukekile, bengenakumlandela uDavide, ababebahlalisile ngasemfudlaneni iBesori; baphuma ukumhlangabeza uDavide nokuhlangabeza abantu ababenaye; uDavide esesondela kubantu wababingelela.

22. Base bethatha bonke abantu ababi nabonakeleyo kulabo ababehamba noDavide, bathi: “Njengokuba bengahambanga nathi, asiyikubanika lutho empangweni esiyikhululile, kuphela ukuba yileyo naleyo ndoda inikwe umkayo nabantwana bayo, bamuke nabo, bahambe.”

23. Wayesethi uDavide: “Aniyikwenza kanjalo, bafowethu, ngalokho esikuphiwe nguJehova osilondolozile, wanikela esandleni sethu iviyo elasihlasela.

24. Ngubani oyakunilalela kule ndaba na? Ngokuba njengesabelo sowehlele empini siyakuba njalo isabelo salowo owasala nempahla; bayakwabelwa ngokulingeneyo.”

25. Kwaba njalo kusukela kulolo suku kuya phambili; wamisa isimiso nomthetho kwa-Israyeli kuze kube namuhla.

1 Usamuweli 30