1 Usamuweli 29:4-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Kepha izikhulu zamaFilisti zamthukuthelela; izikhulu zamaFilisti zathi kuye: “Buyisa lowo muntu ukuba abuyele endaweni yakhe ommise kuyo, angehleli nathi empini, funa abe yisitha sethu empini, ngokuba lona ubeyakuyigculisa ngani inkosi yakhe kungengamakhanda alawo madoda na?”

5. Lona akasiye uDavide ababehlabelela ngaye, besina bethi:“USawule ubulele izinkulungwane zakhe,kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi na?”

6. U-Akhishi wambiza uDavide, wathi kuye: “Kuphila kukaJehova, wena uqotho; ukuphuma kwakho nokungena kwakho nami empini kuhle emehlweni ami, ngokuba angifumananaga bubi kuwe kusukela osukwini lokufika kwakho kimi kuze kube namuhla; nokho emehlweni amakhosi awumuhle.

7. Ngalokho buya, uhambe ngokuthula, ungenzi okubi emehlweni amakhosi amaFilisti.”

8. UDavide wathi ku-Akhishi: “Kepha ngenzeni na? Ufumeneni encekwini yakho, kusukela osukwini engaba phambi kwakho ngalo kuze kube namuhla, ukuba ngingayi ukulwa nezitha zenkosi yami, inkosi, na?”

1 Usamuweli 29