1 Usamuweli 28:5-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Lapho uSawule ebona impi yamaFilisti, wesaba, inhliziyo yakhe yathuthumela kakhulu.

6. USawule wabuza kuJehova; uJehova akamphendulanga nangamaphupho, nange-Urimi,* nangabaprofethi.

7. Wayesethi uSawule kuzo izinceku zakhe: “Ngifuneleni owesifazane onedlozi ukuba ngiye kuye, ngibuze kuye.”Izinceku zakhe zathi kuye: “Bheka, kukhona owesifazane onedlozi e-Eni Dori.”

8. USawule waziguqula, wembatha ezinye izingubo, wahamba yena nabantu ababili benaye, bafika kowesifazane ebusuku, wathi: “Ake ungibhulele ngedlozi, ungenyusele engiyakumusho kuwe.”

9. Owesifazane wathi kuye: “Bheka, uyazi ukuthi uSawule wenzeni, ukuba unqumile ezweni abanamadlozi phakathi kwabo nabathakathi; ngalokho ungibekelelani ugibe ukuba ungibulale na?”

10. USawule wafunga uJehova kuye owesifazane, wathi: “Kuphila kukaJehova, awuyikwehlelwa cala ngalokho.”

11. Wayesethi owesifazane: “Ngiyakukwenyusela bani na?”Wathi: “Ngenyusele uSamuweli.”

12. Lapho owesifazane embona uSamuweli, wamemeza ngezwi elikhulu; owesifazane wakhuluma noSawule, wathi: “Ungikhohliseleni na? Ngokuba unguSawule.”

13. Inkosi yayisithi kuye: “Ungesabi; ubonani na?”Owesifazane wathi kuSawule: “Ngibona unkulunkulu ephuma emhlabathini.”

14. Wathi kuye: “Unesimo sini na?”Wathi: “Kukhuphuka ixhegu limboziwe ngengubo.” USawule wabona ukuthi kunguSamuweli, wakhothamela phansi ngobuso, wakhuleka.

15. USamuweli wathi kuSawule: “Unginyakaziselani ukuba ungenyuse na?”USawule waphendula wathi: “Ngihluphekile kakhulu, ngokuba amaFilisti ayalwa nami; uNkulunkulu ungishiyile, akasangiphenduli nangabaprofethi nangamaphupho; ngalokho ngikubizele ukuba ungazise ukuthi ngiyakwenze njani.”

16. USamuweli wathi: “Pho, ubuzelani kimi, lokhu uJehova esesukile kuwe, waba yisitha sakho, na?

17. UJehova wenzile ngokwakhe, njengalokho akhuluma ngami: uJehova ukwaphucile umbuso esandleni sakho, wawunika umakhelwane wakho uDavide.

18. Ngokuba awulalelanga izwi likaJehova, awenzanga ulaka lwakhe olushisayo phezu kwama-Amaleki; ngalokho uJehova wenzile lokhu kuwe namuhla.

1 Usamuweli 28