20. USawule nabo bonke abantu ababe naye babuthana, baya ekulweni; bheka, yilowo nalowo washaya omunye ngenkemba, kwaba khona ukungquzuka okukhulu kakhulu.
21. AmaHeberu ayenamaFilisti kuqala nawo akhuphukela ekamu* nxazonke, aphendukela kwabakwa-Israyeli ababe noSawule noJonathani.
22. Abantu bonke bakwa-Israyeli ababecashile ezintabeni zakwa-Efrayimi sebezwile ukuthi amaFilisti abaleka, nabo bawaxosha ekulweni.
23. UJehova wasindisa u-Israyeli ngalolo suku; ukulwa kwadlulela eBeti Aveni.
24. Abantu bakwa-Israyeli babecindezelwa ngalolo suku, kepha uSawule wafungisa abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu odla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akwabakho muntu owezwa ukudla.
25. Abantu bonke beza ehlathini; kwakukhona izinyosi phansi.
26. Abantu sebengenile ehlathini, bheka, izinyosi zaconsa, kepha akwabakho muntu obeka isandla emlonyeni, ngokuba abantu besaba isifungo.