8. “Lapho uJakobe esefikile eGibithe, oyihlo bakhala kuJehova, uJehova wathuma oMose no-Aroni abakhipha oyihlo eGibithe, babahlalisa kule ndawo.
9. “Kepha bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, wathengisa ngabo esandleni sikaSisera induna yempi yaseHasori, nasesandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi, balwa nabo.
10. Bakhala kuJehova, bathi: ‘Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kodwa kalokhu sophule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’
11. UJehova wayesethuma oJerubali, noBedani, noJefta, noSamuweli, wanophula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala nalondeka.
12. “Kepha lapho nabona uNahashi inkosi yabantwana bakwa-Amoni ephuma ukulwa nani, nathi kimi: ‘Hhayi, kepha masibuswe yinkosi,’ ingani uJehova uNkulunkulu wenu wayeyinkosi yenu.
13. Manje nansi inkosi eniyikhethileyo neniyicelileyo; bhekani, uJehova ubekile inkosi phezu kwenu.
14. Uma nimesaba uJehova, nimkhonze, nilalele izwi lakhe, ningahlubuki esiyalezweni sakhe, khona nina nenkosi yenu ebusa phezu kwenu niyakulandela uJehova uNkulunkulu wenu;
15. kepha uma ningalaleli izwi likaJehova, nihlubuke esiyalezweni sikaJehova, khona isandla sikaJehova siyakumelana nani, njengalokho samelana nawoyihlo.
16. “Ngalokho yimani nibone le nto enkulu ayakuyenza uJehova phambi kwamehlo enu.
17. Angithi kuyisikhathi sokuvuna ukolweni namuhla na? Ngiyakukhuleka kuJehova ukuba athume ukuduma nemvula, nazi, nibone ukuthi okubi kwenu enikwenzile emehlweni kaJehova ngokucela inkosi kukhulu.”
18. USamuweli wayesekhuleka kuJehova; uJehova wathuma ukuduma nemvula ngalolo suku; bonke abantu besaba kakhulu uJehova noSamuweli.