1 Kwabasethesalonika 3:9-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Ngokuba ngukubonga okunjani esingakubuyisela kuNkulunkulu ngani ngokuthokoza konke esithokoza ngakho ngenxa yenu phambi kukaNkulunkulu wethu na?

10. Ubusuku nemini sinxusa nokunxusa ukuba sibone ubuso benu, siphelelise okusileleyo ekukholweni kwenu.

11. Sengathi uNkulunkulu noBaba wethu uqobo neNkosi yethu uJesu angayiqondisa indlela yethu yokuza kini,

12. iNkosi ininike ukwanda nokuchichima othandweni, omumye komunye nakubo bonke, njengokuba sinjalo kinina,

1 Kwabasethesalonika 3