13. Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.
14. Ngalokho-ke, bathandwa bami, kubalekeleni ukukhonza izithombe.
15. Ngikhuluma njengakwabahlakaniphileyo; qondani engikushoyo.
16. Isitsha sesibusiso esisibusisayo asiyiyo inhlanganyelo yegazi likaKristu na? Isinkwa esisihlephulayo asiyiyo inhlanganyelo yomzimba kaKristu na?
17. Ngokuba isinkwa sisinye, thina esibaningi singumzimba munye, lokhu thina sonke sihlanganyela leso sinkwa sinye.
18. Bhekani u-Israyeli ngokwenyama. Abadla imihlatshelo abasibo abahlanganyela ne-altare na?
19. Ngakho ngithini pho? Ngithi okuhlatshelwe isithombe kuyinto na? nokuthi isithombe siyinto na?
20. Kodwa ngithi: Lokho okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amademoni, kabakuhlabeli uNkulunkulu. Kepha angithandi ukuba nibe nenhlanganyelo namademoni.
21. Ningesiphuze isitsha seNkosi kanye nesitsha samademoni; ningelihlanganyele itafula leNkosi kanye netafula lamademoni.
22. Kumbe siyayivusela iNkosi ulaka na? Kanti sinamandla kunayo na?
23. Kuvunyelwe konke, kodwa akusizi konke; kuvunyelwe konke, kodwa akwakhi konke.
24. Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye.