1 Kuthimothewu 4:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kepha uMoya usho ngokuchachileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni,

2. ngokuzenzisa kwabaqamba amanga abashiswe uphawu kunembeza wabo,

3. benqabela ukuganana, bethi akuzilwe ukudla akudalayo uNkulunkulu ukuba kwamukelwe ngokubonga yibo abakholwayo nabalaziyo iqiniso.

4. Ngokuba konke okudalwe nguNkulunkulu kuhle; akulahlwa lutho, uma kwamukelwa ngokubonga,

5. ngokuba kungcweliswa ngezwi likaNkulunkulu nomkhuleko.

6. Nxa ubeka lezo zinto kubazalwane, uyakuba yisikhonzi esihle sikaKristu Jesu, wondliwa ngamazwi okukholwa nesifundiso esihle osilandeleyo;

7. kepha wale izinganekwane ezingcolileyo nezezalukazi. Kepha zijwayeze ekumesabeni uNkulunkulu.

8. Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.

9. Likholekile leli zwi, lifanele impela ukwamukelwa,

1 Kuthimothewu 4