11. Ngokunjalo nabesifazane mababe nesizotha, abangahlebi, abazithibayo, abathembekayo ezintweni zonke.
12. Amadiyakoni mawabe ngamadoda amfazi munye, abusa kahle abantwana bawo nemizi yawo.
13. Ngokuba amadiyakoni akhonze kahle azizuzela ukuma kahle nesibindi esikhulu ekukholweni okukuKristu Jesu.
14. Lokhu ngikulobela khona ngithemba ukuza kuwe masinyane;
15. kepha uma ngilibala, khona uyakwazi ukuthi kumelwe ukuba abantu bahambe kanjani endlini kaNkulunkulu eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.
16. Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi:Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni,wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni,wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.