1 Kajohane 4:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya, kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.

2. Yazini uMoya kaNkulunkulu ngalokhu: bonke omoya abavuma ukuthi uJesu Kristu ufikile enyameni bangabakaNkulunkulu;

3. lowo moya ongamvumi uJesu akasiye okaNkulunkulu; lowo ungowomphikukristu enizwe ngaye ukuthi uyeza, nakalokhu usefikile ezweni.

4. NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.

5. Bona bangabezwe; ngalokho bakhuluma okwezwe, nezwe liyabezwa.

6. Thina singabakaNkulunkulu; omaziyo uNkulunkulu uyasizwa, ongesiye okaNkulunkulu akasizwa. Ngalokho siyamazi umoya weqiniso nomoya wokuduka.

7. Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu.

8. Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.

1 Kajohane 4