3. Bonke abanalo lelo themba kuye bayazihlambulula, njengokuba yena ehlambulukile.
4. Bonke abenza isono bayeqa nomthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho.
5. Senazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono; akukho sono kuye.
6. Lowo ohlala kuye akoni; lowo owonayo akambonanga, futhi akamazi.
7. Bantwanyana, maningadukiswa muntu; owenza ukulunga ulungile, njengokuba yena elungile;
8. owenza isono ungokaSathane, ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.
9. Lowo ozelwe nguNkulunkulu akenzi isono, ngokuba imbewu yakhe ihlala kuye; futhi akanakona, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu.
10. Ngalokho kubonakala abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane; lowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, naye ongamthandi umzalwane wakhe.
11. Nanti izwi enalizwayo kwasekuqaleni lokuba sithandane,
12. kungabi njengoKayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kepha eyomfowabo yayilungile.
13. Ningamangali, bazalwane, uma izwe linizonda.
14. Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni, sangena ekuphileni, ngokuba sithanda abazalwane; ongathandiyo uhlezi ekufeni.