1. Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.
2. Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho. Siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.
3. Bonke abanalo lelo themba kuye bayazihlambulula, njengokuba yena ehlambulukile.
4. Bonke abenza isono bayeqa nomthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho.
5. Senazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono; akukho sono kuye.
6. Lowo ohlala kuye akoni; lowo owonayo akambonanga, futhi akamazi.
7. Bantwanyana, maningadukiswa muntu; owenza ukulunga ulungile, njengokuba yena elungile;