1. Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.
2. Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho. Siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.
3. Bonke abanalo lelo themba kuye bayazihlambulula, njengokuba yena ehlambulukile.
4. Bonke abenza isono bayeqa nomthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho.
5. Senazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono; akukho sono kuye.
6. Lowo ohlala kuye akoni; lowo owonayo akambonanga, futhi akamazi.
7. Bantwanyana, maningadukiswa muntu; owenza ukulunga ulungile, njengokuba yena elungile;
8. owenza isono ungokaSathane, ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.
9. Lowo ozelwe nguNkulunkulu akenzi isono, ngokuba imbewu yakhe ihlala kuye; futhi akanakona, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu.
10. Ngalokho kubonakala abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane; lowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, naye ongamthandi umzalwane wakhe.
11. Nanti izwi enalizwayo kwasekuqaleni lokuba sithandane,
12. kungabi njengoKayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kepha eyomfowabo yayilungile.
13. Ningamangali, bazalwane, uma izwe linizonda.
14. Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni, sangena ekuphileni, ngokuba sithanda abazalwane; ongathandiyo uhlezi ekufeni.