9. Wazala kuHodeshi umkakhe oJobabi, noSibiya, noMesha, noMalikamu,
10. noJewuse, noShakiya, noMirima. Labo babe ngamadodana akhe, izinhloko zezindlu zawoyise.
11. Wazala kuHushimi o-Abithubi no-Eliphahali.
12. Amadodana ka-Eliphahali: ngo-Ebere, noMishamu, noShemedi, abakha i-Ono neLodi nemizana yawo,
13. noBeriya, noShema, ababe yizinhloko zezindlu zawoyise zabakhe e-Ajaloni, abaxosha abakhe eGati;
14. no-Ahiyo, noShashaki, noJeremoti,
15. noZebadiya, no-Aradi, no-Edere,
16. noMikayeli, noJishipha, noJoha, amadodana kaBeriya,
17. noZebadiya, noMeshulamu, noHiziki, noHebere,
18. no-Ishmerayi, noJiziliya, noJobabi, amadodana ka-Eliphahali,
19. noJakimi, noZikiri, noZabidi,