4. no-Abishuwa, noNahamani, no-Ahowa,
5. noGera, noShefufani, noHuramu.
6. Nanka amadodana ka-Ehudi, izinhloko zezindlu zawoyise zabakhe eGeba, ezathunjelwa eManahati,
7. zathunjwa ngoNahamani, no-Ahiya, noGera owazala o-Uza no-Ahihudi.
8. UShaharayimi wazala abantwana ezweni lakwaMowabi esemukisile oHushimi noBahara omkakhe.
9. Wazala kuHodeshi umkakhe oJobabi, noSibiya, noMesha, noMalikamu,
10. noJewuse, noShakiya, noMirima. Labo babe ngamadodana akhe, izinhloko zezindlu zawoyise.
11. Wazala kuHushimi o-Abithubi no-Eliphahali.
12. Amadodana ka-Eliphahali: ngo-Ebere, noMishamu, noShemedi, abakha i-Ono neLodi nemizana yawo,