1 Izikronike 8:31-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. noGedori, no-Ahiyo, noZekeri.

32. Kepha uMikiloti wazala uShimeya. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema malungana nabafowabo.

33. UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali.

34. Indodana kaJonathani yayinguMeribi Bali; uMeribi Bali wazala uMika.

35. Amadodana kaMika: ngoPhithoni, noMeleki, noThareya, no-Ahazi.

36. U-Ahazi wazala uJehohada; uJehohada wazala o-Alemeti, no-Azimaveti, noZimri; uZimri wazala uMosa;

37. uMosa wazala uBineya; uRafa wayeyindodana yakhe; ngu-Eleyasa indodana yakhe, ngu-Aseli indodana yakhe;

1 Izikronike 8