1 Izikronike 8:29-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. EGibeyoni kwahlala uyise kaGibeyoni ogama lomkakhe lalinguMahakha;

30. izibulo lakhe lalingu-Abidoni, kanye noSuri, noKishi, noBali, noNadabi,

31. noGedori, no-Ahiyo, noZekeri.

32. Kepha uMikiloti wazala uShimeya. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema malungana nabafowabo.

33. UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali.

34. Indodana kaJonathani yayinguMeribi Bali; uMeribi Bali wazala uMika.

35. Amadodana kaMika: ngoPhithoni, noMeleki, noThareya, no-Ahazi.

1 Izikronike 8