1 Izikronike 8:28-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Labo babe yizinhloko zezindlu zawoyise, izinhloko ezizukulwaneni zabo, bahlala eJerusalema.

29. EGibeyoni kwahlala uyise kaGibeyoni ogama lomkakhe lalinguMahakha;

30. izibulo lakhe lalingu-Abidoni, kanye noSuri, noKishi, noBali, noNadabi,

31. noGedori, no-Ahiyo, noZekeri.

32. Kepha uMikiloti wazala uShimeya. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema malungana nabafowabo.

33. UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali.

34. Indodana kaJonathani yayinguMeribi Bali; uMeribi Bali wazala uMika.

35. Amadodana kaMika: ngoPhithoni, noMeleki, noThareya, no-Ahazi.

36. U-Ahazi wazala uJehohada; uJehohada wazala o-Alemeti, no-Azimaveti, noZimri; uZimri wazala uMosa;

37. uMosa wazala uBineya; uRafa wayeyindodana yakhe; ngu-Eleyasa indodana yakhe, ngu-Aseli indodana yakhe;

38. u-Aseli wayenamadodana ayisithupha; amagama awo yilawa: o-Azirikamu, noBokeru, no-Ishmayeli, noShehariya, no-Obadiya, noHanani. Bonke labo babe ngamadodana ka-Aseli.

39. Amadodana ka-Esheki umfowabo: ngu-Ulamu izibulo lakhe, noJewushe owesibili, no-Elifeleti owesithathu.

1 Izikronike 8