28. Labo babe yizinhloko zezindlu zawoyise, izinhloko ezizukulwaneni zabo, bahlala eJerusalema.
29. EGibeyoni kwahlala uyise kaGibeyoni ogama lomkakhe lalinguMahakha;
30. izibulo lakhe lalingu-Abidoni, kanye noSuri, noKishi, noBali, noNadabi,
31. noGedori, no-Ahiyo, noZekeri.
32. Kepha uMikiloti wazala uShimeya. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema malungana nabafowabo.
33. UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali.
34. Indodana kaJonathani yayinguMeribi Bali; uMeribi Bali wazala uMika.
35. Amadodana kaMika: ngoPhithoni, noMeleki, noThareya, no-Ahazi.
36. U-Ahazi wazala uJehohada; uJehohada wazala o-Alemeti, no-Azimaveti, noZimri; uZimri wazala uMosa;
37. uMosa wazala uBineya; uRafa wayeyindodana yakhe; ngu-Eleyasa indodana yakhe, ngu-Aseli indodana yakhe;
38. u-Aseli wayenamadodana ayisithupha; amagama awo yilawa: o-Azirikamu, noBokeru, no-Ishmayeli, noShehariya, no-Obadiya, noHanani. Bonke labo babe ngamadodana ka-Aseli.
39. Amadodana ka-Esheki umfowabo: ngu-Ulamu izibulo lakhe, noJewushe owesibili, no-Elifeleti owesithathu.