1 Izikronike 7:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Amadodana ka-Isakare: ngoThola, noPhuwa, noJashubi, noShimroni, bebane.

2. Amadodana kaThola: ngo-Uzi, noRefaya, noJeriyeli, noJahemayi, no-Ibisamu, noShemuweli, izinhloko zezindlu zawoyise, abakwaThola, amaqhawe anamandla ngezizukulwane zawo; umumo wawo ngezinsuku zikaDavide wawuyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu ayisithupha.

3. Amadodana ka-Uzi: nguJizirahiya; amadodana kaJizirahiya: ngoMikayeli, no-Obadiya, noJoweli, noJishiya, beyisihlanu, beyizinhloko bonke.

4. Kanye nawo kwakukhona ngezizukulwane zawo ngezindlu zawoyise amaviyo empi yokulwa, abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha, ngokuba babe nabafazi abaningi namadodana amaningi.

5. Abafowabo kuyo yonke imindeni ka-Isakare, amaqhawe anamandla, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa, bebhalwe bonke ngezizukulwane zabo.

6. Amadodana kaBenjamini: ngoBela, noBekeri, noJediyayeli, bebathathu.

7. Amadodana kaBela: ngo-Esiboni, no-Uzi, no-Uziyeli, noJerimoti, no-Iri, beyisihlanu, izinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namashumi amathathu nane, bebhalwe ngezizukulwane zabo.

1 Izikronike 7