Abafowabo kuyo yonke imindeni ka-Isakare, amaqhawe anamandla, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa, bebhalwe bonke ngezizukulwane zabo.