1. Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli ngokuba wayeyizibulo; kepha njengokuba wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa indodana ka-Israyeli, futhi akabhalwa ngezizukulwane njengezibulo.
2. Noma uJuda ebenamandla kunabafowabo, kwavela kuye umbusi, ubuzibulo nokho babungobukaJosefa.
3. Amadodana-ke kaRubeni, izibulo lika-Israyeli: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi.
4. Amadodana kaJoweli: nguShemaya indodana yakhe, noGogi indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe,
5. noMika indodana yakhe, noRewaya indodana yakhe, noBali indodana yakhe,
6. noBera indodana yakhe, owathunjwa nguThiligati Phileneseri inkosi yase-Asiriya; wayeyisikhulu sabakwaRubeni.