1 Izikronike 5:1-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli ngokuba wayeyizibulo; kepha njengokuba wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa indodana ka-Israyeli, futhi akabhalwa ngezizukulwane njengezibulo.

2. Noma uJuda ebenamandla kunabafowabo, kwavela kuye umbusi, ubuzibulo nokho babungobukaJosefa.

3. Amadodana-ke kaRubeni, izibulo lika-Israyeli: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi.

4. Amadodana kaJoweli: nguShemaya indodana yakhe, noGogi indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe,

5. noMika indodana yakhe, noRewaya indodana yakhe, noBali indodana yakhe,

6. noBera indodana yakhe, owathunjwa nguThiligati Phileneseri inkosi yase-Asiriya; wayeyisikhulu sabakwaRubeni.

7. Nabafowabo ngemindeni yabo, bebhalwe ngezizukulwane zabo: ngoJehiyeli inhloko noZakariya,

8. noBela ka-Azazi kaShema kaJoweli, owahlala e-Aroweri kwaze kwaba seNebo noBali Mehoni.

9. Ngasempumalanga wakha kwaze kwaba sekuqaleni kwehlane elisuka emfuleni u-Ewufrathe, ngokuba izinkomo zabo zanda ezweni lakwaGileyadi.

10. Emihleni kaSawule baphaka impi kumaHagiri, awa ngesandla sabo; bahlala ematendeni abo ngasempumalanga yonke yakwaGileyadi.

11. Amadodana kaGadi ahlala malungana nabo ezweni laseBashani kwaze kwaba seSaleka:

12. ngoJoweli inhloko, noShafamu owesibili, noJahanayi, noShafati eBashani;

13. nabafowabo ngezindlu zawoyise: ngoMikayeli, noMeshulamu, noSheba, noJorayi, noJakani, noZiya, no-Ebere, beyisikhombisa.

14. Labo babe ngamadodana ka-Abihayili kaHuri kaJarowa kaGileyadi kaMikayeli kaJeshishayi kaJahido kaBuzi;

15. u-Ahi ka-Abidiyeli kaGuni wayeyinhloko yezindlu zawoyise.

16. Bahlala kwaGileyadi eBashani nasemizini yalo nasemadlelweni onke aseSharoni kwaze kwaba semikhawulweni yawo.

17. Bonke labo babhalwa ngezizukulwane zabo emihleni kaJothamu inkosi yakwaJuda nasemihleni kaJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli.

1 Izikronike 5