1 Izikronike 4:38-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

38. Labo ababizwe ngamagama babeyizikhulu emindenini yabo; izindlu zawoyise zanda kakhulu.

39. Baya ngasekungeneni eGedori ngasohlangothini lwasempumalanga kwesigodi ukufunela izimvu zabo idlelo.

40. Bafumana idlelo elivundileyo nelihle; izwe lalibanzi nxazombili, lizolile, linokuthula, ngokuba ababehlala khona kuqala babe ngabakwaHamu.

41. Labo abalotshwe ngamagama bafika ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, bachitha amatende abo namaMehuni afunyanwa khona, bawaqothula kuze kube namuhla, bahlala esikhundleni sabo, ngokuba kwakukhona idlelo lezimvu zabo lapho.

42. Abanye babo, amadodana kaSimeyoni, abantu abangamakhulu ayisihlanu, baya entabeni yaseSeyiri benezinduna zabo oPhelathiya, noNehariya, noRefaya, no-Uziyeli, amadodana ka-Ishi.

43. Bachitha insali yama-Amaleki ephunyukileyo, bahlala khona kuze kube namuhla.

1 Izikronike 4