1 Izikronike 4:33-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. kanye nayo yonke imizana eyayiyizungeza le mizi kwaze kwaba seBali. Lezo zaziyizindawo zabo, bebhalwe ngezizukulwane zabo.

34. Futhi oMeshobabi, noJamileki, noJosha indodana ka-Amasiya,

35. noJoweli, noJehu kaJoshibiya kaSeraya ka-Asiyeli,

36. no-Eliyohenayi, noJahakhoba, noJeshohaya, no-Asaya, no-Adiyeli, noJesimiyeli, noBenaya,

37. noZiza kaShifi ka-Aloni kaJedaya kaShimri kaShemaya.

38. Labo ababizwe ngamagama babeyizikhulu emindenini yabo; izindlu zawoyise zanda kakhulu.

39. Baya ngasekungeneni eGedori ngasohlangothini lwasempumalanga kwesigodi ukufunela izimvu zabo idlelo.

1 Izikronike 4