22. noJokimi, nabantu baseKhozeba, noJowashi, noSarafi ababebusa kwaMowabi, noJashubi Lehemi. Ngezasendulo kodwa lezi zindaba.
23. Labo babe ngababumbi nabakhileyo eNethayimi naseGedera; bahlala khona nenkosi ngomsebenzi wayo.
24. Amadodana kaSimeyoni: ngoNemuweli, noJamini, noJaribi, noZera, noShawule,
25. noShalumi indodana yakhe, noMibisamu indodana yakhe, noMishima indodana yakhe.
26. Amadodana kaMishima: ngoHamuweli indodana yakhe, noZakuri indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe.
27. UShimeyi wayenamadodana ayishumi nesithupha namadodakazi ayisithupha; kepha abafowabo babengenabantwana abaningi, nomndeni wabo awandanga njengabantwana bakwaJuda.