1 Izikronike 4:2-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. URewaya indodana kaShobali wazala uJahati; uJahati wazala o-Ahumayi noLahadi. Leyo yayiyimindeni yamaSorati.

3. Yilaba abangabakayise ka-Etamu: oJizreyeli, no-Ishima, no-Idibashi, igama likadadewabo lalinguHaseleliponi

4. noPhenuweli, uyise kaGedori, no-Ezeri, uyise kaHusha. Yilabo ababe ngamadodana kaHure izibulo lika-Efratha, uyise kaBetlehema.

5. U-Ashuri uyise kaThekhowa wayenabafazi ababili, oHela noNahara.

6. UNahara wamzalela o-Ahuzamu, noHeferi, noThemeni, noHawahashitari. Yilabo ababe ngamadodana kaNahara.

7. Amadodana kaHela: ngoSereti, noJisihari, no-Ethinani.

8. UKhosi wazala o-Anubi, noSobeba, nemindeni ka-Ahariheli indodana kaHarumu.

9. UJabesi wayetuseka kunabafowabo; unina wamqamba igama lokuthi uJabesi,* ethi: “Ngokuba ngamzala ngibuhlungu.”

10. UJabesi wabiza uNkulunkulu ka-Israyeli, wathi: “Sengathi ungangibusisa nokungibusisa, wandise umkhawulo wami, isandla sakho sibe nami, ungivikele ebubini, ngingehlelwa ngubuhlungu.” UNkulunkulu wamnika akucelayo.

11. UKelubi umfowabo kaShuba wazala uMehiri owayenguyise ka-Eshitoni.

12. U-Eshitoni wazala uBeti Rafa, noPhaseya, noThehina uyise ka-Iri Nahashi. Yilabo ababe ngamadodana kaRekha.

13. Amadodana kaKenazi: ngo-Otheniyeli noSeraya; amadodana ka-Otheniyeli: nguHathati.

1 Izikronike 4