1 Izikronike 4:18-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Umkakhe umJudakazi wazala uJeredi uyise kaGedori, noHebere uyise kaSoko, noJekuthiyeli uyise kaZanowa. Kepha abanye babe ngamadodana kaBithiya indodakazi kaFaro eyathathwa nguMeredi.

19. Amadodana omkaHodiya udadewabo kaNahamu ayenguyise kaKeyila umGarimi no-Eshitemowa umMahakha.

20. Amadodana kaShimoni: ngo-Amnoni, noRina, noBeni Hanani, noThiloni. Amadodana ka-Ishi: ngoZoheti noBeni Zoheti.

21. Amadodana kaShela indodana kaJuda: ngu-Eri, uyise kaLekha, noLahada uyise kaMaresha, nemindeni yendlu yabaluka ilineni elicolekileyo bendlu ka-Ashibeya,

22. noJokimi, nabantu baseKhozeba, noJowashi, noSarafi ababebusa kwaMowabi, noJashubi Lehemi. Ngezasendulo kodwa lezi zindaba.

23. Labo babe ngababumbi nabakhileyo eNethayimi naseGedera; bahlala khona nenkosi ngomsebenzi wayo.

24. Amadodana kaSimeyoni: ngoNemuweli, noJamini, noJaribi, noZera, noShawule,

25. noShalumi indodana yakhe, noMibisamu indodana yakhe, noMishima indodana yakhe.

26. Amadodana kaMishima: ngoHamuweli indodana yakhe, noZakuri indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe.

27. UShimeyi wayenamadodana ayishumi nesithupha namadodakazi ayisithupha; kepha abafowabo babengenabantwana abaningi, nomndeni wabo awandanga njengabantwana bakwaJuda.

28. Bahlala eBeri Sheba, naseMolada, naseHasari Shuwali,

29. naseBiliha, nase-Esemi, naseTholadi,

30. naseBetuweli, naseHorma, naseSikilagi,

31. naseBeti Marikaboti, naseHasari Susimi, naseBeti Biri, naseShaharayimi. Yileyo eyayiyimizi yabo kwaze kwabusa uDavide.

32. Imizana yabo yayiyi-Etamu, ne-Ayini, neRimoni, neThokheni, ne-Ashani, imizi eyisihlanu,

33. kanye nayo yonke imizana eyayiyizungeza le mizi kwaze kwaba seBali. Lezo zaziyizindawo zabo, bebhalwe ngezizukulwane zabo.

34. Futhi oMeshobabi, noJamileki, noJosha indodana ka-Amasiya,

35. noJoweli, noJehu kaJoshibiya kaSeraya ka-Asiyeli,

1 Izikronike 4