1 Izikronike 4:14-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. UMehonothayi wazala u-Ofira; uSeraya wazala uJowabe uyise wesigodi sabakhandi, ngokuba babe ngabakhandi.

15. Amadodana kaKalebi indodana kaJefune: ngo-Iru, no-Ela, noNahamu, namadodana ka-Ela, noKenazi.

16. Amadodana kaJehaleli: ngoZifi, noZifa, noThiriya, no-Asareli.

17. Amadodana ka-Ezra: ngoJetheri, noMeredi, no-Eferi, noJaloni; wazala oMiriyamu, noShamayi, no-Ishiba uyise ka-Eshitemowa.

1 Izikronike 4