1. Amadodana kaJuda: ngoPheresi, noHesironi, noKarmi, noHure, noShobali.
2. URewaya indodana kaShobali wazala uJahati; uJahati wazala o-Ahumayi noLahadi. Leyo yayiyimindeni yamaSorati.
3. Yilaba abangabakayise ka-Etamu: oJizreyeli, no-Ishima, no-Idibashi, igama likadadewabo lalinguHaseleliponi
4. noPhenuweli, uyise kaGedori, no-Ezeri, uyise kaHusha. Yilabo ababe ngamadodana kaHure izibulo lika-Efratha, uyise kaBetlehema.
5. U-Ashuri uyise kaThekhowa wayenabafazi ababili, oHela noNahara.
6. UNahara wamzalela o-Ahuzamu, noHeferi, noThemeni, noHawahashitari. Yilabo ababe ngamadodana kaNahara.
7. Amadodana kaHela: ngoSereti, noJisihari, no-Ethinani.
8. UKhosi wazala o-Anubi, noSobeba, nemindeni ka-Ahariheli indodana kaHarumu.