1. Amadodana kaJuda: ngoPheresi, noHesironi, noKarmi, noHure, noShobali.
2. URewaya indodana kaShobali wazala uJahati; uJahati wazala o-Ahumayi noLahadi. Leyo yayiyimindeni yamaSorati.
3. Yilaba abangabakayise ka-Etamu: oJizreyeli, no-Ishima, no-Idibashi, igama likadadewabo lalinguHaseleliponi
4. noPhenuweli, uyise kaGedori, no-Ezeri, uyise kaHusha. Yilabo ababe ngamadodana kaHure izibulo lika-Efratha, uyise kaBetlehema.