1 Izikronike 25:4-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. KuHemani: amadodana kaHemani: ngoBukiya, noMathaniya, no-Uziyeli, noShebuweli, noJerimoti, noHananiya, noHanani, no-Eliyatha, noGidaliti, noRomamiti Ezeri, noJoshibekasha, noMaloti, noHothiri, noMahaziyoti;

5. bonke labo babe ngamadodana kaHemani umboni wenkosi ngamazwi kaNkulunkulu okuphakamisa uphondo lwakhe; uNkulunkulu wamnika uHemani amadodana ayishumi nane namadodakazi amathathu.

6. Onke lawo ayephansi kwezandla zikayise ekuhlabeleleni endlini kaJehova ngamasimbali,* nangezingubhu, nangamahabu* enkonzweni yasendlini kaNkulunkulu, o-Asafa noJeduthuni noHemani bephansi kwezandla zenkosi.

7. Umumo wabo kanye nabafowabo ababefundisiwe ukuhlabelela kuJehova nabayizazi wawungamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili.

8. Benza inkatho ngenkonzo, omunye ngomunye, omncane njengomkhulu, isazi nomfundi.

9. Inkatho yokuqala yadla uJosefa ka-Asafa, neyesibili uGedaliya; yena nabafowabo namadodana akhe babe yishumi nambili;

10. eyesithathu uZakuri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

11. eyesine uJisiri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

12. eyesihlanu uNethaniya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

13. eyesithupha uBukiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

14. eyesikhombisa uJesharela, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

15. eyesishiyagalombili uJeshaya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

16. eyesishiyagalolunye uMathaniya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

17. eyeshumi uShimeyi, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

1 Izikronike 25