Onke lawo ayephansi kwezandla zikayise ekuhlabeleleni endlini kaJehova ngamasimbali,* nangezingubhu, nangamahabu* enkonzweni yasendlini kaNkulunkulu, o-Asafa noJeduthuni noHemani bephansi kwezandla zenkosi.