1 Izikronike 25:2-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. emadodaneni ka-Asafa: ngoZakuri, noJosefa, noNethaniya, no-Asharela, amadodana ka-Asafa, phansi kwezandla zika-Asafa owaprofetha ngezandla zenkosi.

3. KuJeduthuni: amadodana kaJeduthuni: ngoGedaliya, noSeri, noJeshaya, noShimeyi, noHashabiya, noMatithiya, bebayisithupha, phansi kwezandla zikayise uJeduthuni owaprofetha ngehabhu* ngokubonga nangokudumisa uJehova.

4. KuHemani: amadodana kaHemani: ngoBukiya, noMathaniya, no-Uziyeli, noShebuweli, noJerimoti, noHananiya, noHanani, no-Eliyatha, noGidaliti, noRomamiti Ezeri, noJoshibekasha, noMaloti, noHothiri, noMahaziyoti;

5. bonke labo babe ngamadodana kaHemani umboni wenkosi ngamazwi kaNkulunkulu okuphakamisa uphondo lwakhe; uNkulunkulu wamnika uHemani amadodana ayishumi nane namadodakazi amathathu.

6. Onke lawo ayephansi kwezandla zikayise ekuhlabeleleni endlini kaJehova ngamasimbali,* nangezingubhu, nangamahabu* enkonzweni yasendlini kaNkulunkulu, o-Asafa noJeduthuni noHemani bephansi kwezandla zenkosi.

7. Umumo wabo kanye nabafowabo ababefundisiwe ukuhlabelela kuJehova nabayizazi wawungamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili.

1 Izikronike 25