1 Izikronike 23:12-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli, bebane.

13. Amadodana ka-Amramu: ngo-Aroni noMose; u-Aroni wahlukaniswa ukuba angcwelise izinto ezingcwelengcwele, yena namadodana akhe, kuze kube phakade, ukushisa impepho phambi kukaJehova, nokumkhonza, nokubusisa egameni lakhe kuze kube phakade.

14. Kepha uMose, lowo muntu kaNkulunkulu, amadodana akhe abizwa ngesizwe sakwaLevi.

15. Amadodana kaMose: ngoGereshomu no-Eliyezeri.

16. Amadodana kaGereshomu: nguShebuweli owayeyinhloko.

17. Amadodana ka-Eliyezeri: nguRehabiya inhloko. U-Eliyezeri wayengenawo amanye amadodana; kepha amadodana kaRehabiya ayemaningi kakhulu.

18. Amadodana kaJisihari: nguShelomiti inhloko.

19. Amadodana kaHebroni: nguJeriya inhloko, no-Amariya owesibili, noJahaziyeli owesithathu, noJekameyamu owesine.

20. Amadodana ka-Uziyeli: nguMika inhloko noJishiya owesibili.

21. Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi. Amadodana kaMaheli: ngo-Eleyazare noKishi.

22. U-Eleyazare wafa engenamadodana, enamadodakazi odwa; abafowabo, amadodana kaKishi, bawathatha.

23. Amadodana kaMushi: ngoMaheli, no-Edere, noJeremoti, bebathathu.

24. Yilabo ababe ngamadodana kaLevi ngezindlu zawoyise, izinhloko zawoyise, bebalwa ngomumo wamagama ngezinhloko zabo, abawenza umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.

25. Ngokuba uDavide wathi: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli unike abantu bakhe ukuphumula; uhlezi eJerusalema kuze kube phakade;

26. namaLevi awasayikuthwala itabernakele* nazo zonke izinto zalo zenkonzo yalo.”

1 Izikronike 23