Amadodana ka-Amramu: ngo-Aroni noMose; u-Aroni wahlukaniswa ukuba angcwelise izinto ezingcwelengcwele, yena namadodana akhe, kuze kube phakade, ukushisa impepho phambi kukaJehova, nokumkhonza, nokubusisa egameni lakhe kuze kube phakade.