1 Izikronike 23:1-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UDavide wayesemdala, esanelisiwe yizinsuku; wambeka uSolomoni indodana yakhe abe yinkosi kwa-Israyeli.

2. Wabutha zonke izikhulu zakwa-Israyeli kanye nabapristi namaLevi.

3. AmaLevi abalwa kusukela kwaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu; umumo wawo ngezinhloko zawo, indoda ngendoda, wawuyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesishiyagalombili.

4. Ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nane kuwona ayengawokwengamela umsebenzi wendlu kaJehova; izinkulungwane eziyisithupha zaziyizinduna nabahluleli;

5. izinkulungwane ezine zazingabalindisango; izinkulungwane ezine ziyakudumisa uJehova ngezinto zokubethwa engazenzayo, washo uDavide, ukuba zidumise ngazo.

6. UDavide wabahlukanisa ngezigaba njengamadodana kaLevi: oGereshoni, noKohati, noMerari.

7. KumaGereshoni: ngoLadani noShimeyi.

8. Amadodana kaLadani: nguJehiyeli inhloko, noZethamu, noJoweli, bebathathu.

9. Amadodana kaShimeyi: ngoShelomoti, noHaziyeli, noHarana, bebathathu. Labo babe yizinhloko zawoyise bakaLadani.

10. Amadodana kaShimeyi: ngoJahati, noZina, noJewushe, noBeriya. Labo bobane babe ngamadodana kaShimeyi.

11. UJahati wayeyinhloko, noZiza ngowesibili; kepha oJewushe noBeriya babengenamadodana amaningi; ngalokho baba yindlu inye kayise, bebalwa kanyekanye.

12. Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli, bebane.

13. Amadodana ka-Amramu: ngo-Aroni noMose; u-Aroni wahlukaniswa ukuba angcwelise izinto ezingcwelengcwele, yena namadodana akhe, kuze kube phakade, ukushisa impepho phambi kukaJehova, nokumkhonza, nokubusisa egameni lakhe kuze kube phakade.

14. Kepha uMose, lowo muntu kaNkulunkulu, amadodana akhe abizwa ngesizwe sakwaLevi.

15. Amadodana kaMose: ngoGereshomu no-Eliyezeri.

16. Amadodana kaGereshomu: nguShebuweli owayeyinhloko.

1 Izikronike 23