1 Izikronike 21:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. USathane wema ukulwa no-Israyeli, wavusa uDavide ukuba abale u-Israyeli.

2. UDavide wayesethi kuJowabe nasezinduneni zabantu: “Hambani nibale u-Israyeli kusukela eBeri Sheba kuze kube kwaDani, nilethe umumo wabo kimi ukuba ngiwazi.”

3. UJowabe wathi: “UJehova makenezele kubantu bakhe, kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho; kepha, nkosi yami, nkosi, abasizo izinceku zenkosi yami bonke na? Inkosi yami ifunelani le nto na? Iyakuba yicala ngani ku-Israyeli na?”

4. Nokho izwi lenkosi lamahlula uJowabe. UJowabe waphuma, wadabula wonke u-Israyeli, wafika eJerusalema.

5. UJowabe wanika uDavide umumo wabantu ababaliweyo; wonke u-Israyeli wayeyizinkulungwane eziyinkulungwane nezinkulungwane eziyikhulu abahloma inkemba; uJuda wayeyizinkulungwane ezingamakhulu amane namashumi ayisikhombisa.

6. Kepha oLevi noBenjamini akababalanga phakathi kwabo, ngokuba izwi lenkosi lalinengekile kuJowabe.

7. Kwaba kubi emehlweni kaNkulunkulu; ngalokho washaya u-Israyeli.

1 Izikronike 21