UJowabe wathi: “UJehova makenezele kubantu bakhe, kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho; kepha, nkosi yami, nkosi, abasizo izinceku zenkosi yami bonke na? Inkosi yami ifunelani le nto na? Iyakuba yicala ngani ku-Israyeli na?”