1 Izikronike 19:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi emva kwalokho uNahashi inkosi yabantwana bakwa-Amoni wafa, indodana yakhe yaba yinkosi esikhundleni sakhe.

2. UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni, indodana kaNahashi, ngokuba uyise wangenzela umusa.” UDavide wayesethuma izithunywa ukumduduza ngoyise. Zafika-ke izinceku zikaDavide ezweni labantwana bakwa-Amoni kuHanuni ukumduduza.

3. Kepha izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni: “Imbala ngokubona kwakho uthume abaduduzi kuwe ukuba atuse uyihlo na? Azifikanga yini izinceku zakhe kuwe ukuba ziphenye umuzi, ziwuchithe, ziwuhlole, na?”

4. UHanuni wayesebamba izinceku zikaDavide, waziphucula, wahina izingubo zazo phakathi, kwaze kwaba sezinqeni zazo, wazimukisa.

5. Bahamba, bamtshela uDavide ngalawo madoda. Wathuma ukuwahlangabeza, ngokuba ayenamahloni kakhulu lawo madoda. Yathi inkosi: “Hlalani eJeriko, zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.”

6. Abantwana bakwa-Amoni sebebone ukuthi bazenzile ukuba banengeke kuDavide, uHanuni nabantwana bakwa-Amoni bathuma amatalenta* ayinkulungwane esiliva ukuziqashela izinqola nabamahhashi e-Aramu Naharayimi, nase-Aramu Mahakha, naseSoba.

7. Base beziqashela izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili kanye nenkosi yaseMahakha nabantu bayo abeza ukumisa ngaphambi kweMedeba. Abantwana bakwa-Amoni babuthana ndawonye bephuma emizini yabo; baya ukulwa.

8. UDavide esezwile lokho wamthuma uJowabe nempi yonke yamaqhawe.

1 Izikronike 19