1. Kwathi emva kwalokho uDavide wawashaya amaFilisti, wawahlula, walithatha iGati nemizana yalo esandleni samaFilisti.
2. Wanqoba noMowabi; abakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, bathela intela.
3. UDavide washaya noHadarezeri, inkosi yaseSoba ngaseHamati, ekuhambeni kwakhe ukuqinisa isandla sakhe ngasemfuleni u-Ewufrathe.
4. UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.
5. Ama-Aramu aseDamaseku esefika ukumsiza uHadarezeri inkosi yaseSoba, uDavide wabulala kuma-Aramu abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.
6. UDavide wamisa amakhanda e-Aramu laseDamaseku; ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.
7. UDavide wathatha izihlangu zegolide ezazisezincekwini zikaHadarezeri, waziletha eJerusalema.