UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.