1 Izikronike 13:5-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. UDavide wayesebutha wonke u-Israyeli kusukela eSihori laseGibithe kuze kube sekuyeni eHamati ukususa umphongolo kaNkulunkulu eKiriyati Jeharimi.

6. UDavide wenyukela kanye naye wonke u-Israyeli eBahala, okungukuthi iKiriyati Jeharimi elalingelakwaJuda, ukukhuphula khona umphongolo kaNkulunkulu uJehova ohlezi phezu kwamakherubi,* owawubizwa ngegama lakhe.

7. Bawuhambisa umphongolo kaNkulunkulu ngengqukumbane entsha, bewukhipha endlini ka-Abinadaba; o-Uza no-Ahiyo bashayela ingqukumbane.

8. UDavide naye wonke u-Israyeli bathokoza ebusweni bukaNkulunkulu ngamandla onke ngamahubo, nangamahabhu,* nangezingubhu, nangezigubhu, nangamasimbali,* nangamacilongo.

9. Ekufikeni kwabo esibuyeni sikaKidoni u-Uza welula isandla sakhe ukubamba umphongolo, ngokuba izinkabi zashelela.

10. Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, wamshaya, ngokuba welulela isandla emphongolweni; wafela khona lapho phambi kukaNkulunkulu.

11. UDavide wadabuka ngokuba uJehova emhlasele u-Uza, wayibiza leyo ndawo ngokuthi iPheresi-Uza* kuze kube namuhla.

12. UDavide wamesaba uNkulunkulu ngalolo suku; wathi: “Ngizakuletha kanjani umphongolo kaNkulunkulu kimi na?”

13. UDavide akawuyisanga umphongolo kuye emzini kaDavide, kepha wawubuyisela eceleni endlini ka-Obede Edomi umGiti.

14. Umphongolo kaNkulunkulu wahlala nabendlu ka-Obede Edomi endlini yakhe izinyanga ezintathu; uJehova wayibusisa indlu ka-Obede Edomi nakho konke anakho.

1 Izikronike 13