7. Amadodana kaJavani: ngo-Elisha, noTharishishi, noKitimi, noRodanimi.
8. Amadodana kaHamu: ngoKushe, noMisirayimi, noPhuthi, noKhanani.
9. Amadodana kaKushe: ngoSeba, noHavila, noSabita, noRama, noSabitheka. Amadodana kaRama: ngoSheba noDedani.
10. UKushe wazala uNimrode; yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni.
11. UMisirayimi wazala amaLudi, nama-Anami, namaLehabi, namaNafetuhi,
12. namaPatrusi, namaKasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti, namaKafitori.
13. UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti,
14. namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi,