1 Izikronike 1:45-48 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

45. Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe.

46. Wafa uHushamu; uHadadi, indodana kaBedadi, owanqoba abakwaMidiyani ethafeni lakwaMowabi, waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyi-Aviti.

47. Wafa uHadadi; uSamla waseMasireka waba yinkosi esikhundleni sakhe.

48. Wafa uSamla; uShawule waseRehoboti ngaseMfuleni* waba yinkosi esikhundleni sakhe.

1 Izikronike 1