1 Izikronike 1:43-52 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

43. Lawa angamakhosi abusa ezweni lakwa-Edomi, kungakabusi nkosi phezu kwabantwana bakwa-Israyeli: uBela indodana kaBeyori. Igama lomuzi wakhe laliyiDinihaba.

44. Wafa uBela; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba yinkosi esikhundleni sakhe.

45. Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe.

46. Wafa uHushamu; uHadadi, indodana kaBedadi, owanqoba abakwaMidiyani ethafeni lakwaMowabi, waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyi-Aviti.

47. Wafa uHadadi; uSamla waseMasireka waba yinkosi esikhundleni sakhe.

48. Wafa uSamla; uShawule waseRehoboti ngaseMfuleni* waba yinkosi esikhundleni sakhe.

49. Wafa uShawule; uBali Hanani indodana ka-Akibori waba yinkosi esikhundleni sakhe.

50. Wafa uBali Hanani; uHadadi waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyiPhahi; igama lomkakhe lalinguMehetabeli indodakazi kaMatiredi, indodakazi kaMezahabi.

51. Wafa uHadadi; abanumzane bakwa-Edomi kwakuyilaba: umnumzane uThimna, nomnumzane u-Aliya, nomnumzane uJeteti,

52. nomnumzane u-Oholibama, nomnumzane u-Ela, nomnumzane uPhinoni,

1 Izikronike 1