1 Izikronike 1:38-49 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

38. Amadodana kaSeyiri: ngoLothani, noShobali, noSibeyoni, no-Ana, noDishoni, no-Eseri, noDishani.

39. Amadodana kaLothani: ngoHori noHomamu; udadewabo kaLothani wayenguThimna.

40. Amadodana kaShobali: ngo-Aliyani, noManahati, no-Ebali, noShefi, no-Onamu. Amadodana kaSibeyoni: ngo-Aya no-Ana.

41. Amadodana ka-Ana: nguDishoni. Amadodana kaDishoni: ngoHamrani, no-Eshibani, noJitrani, noKerani.

42. Amadodana ka-Eseri: ngoBilihani, noZahawana, noJahakhani. Amadodana kaDishani: ngo-Use no-Arana.

43. Lawa angamakhosi abusa ezweni lakwa-Edomi, kungakabusi nkosi phezu kwabantwana bakwa-Israyeli: uBela indodana kaBeyori. Igama lomuzi wakhe laliyiDinihaba.

44. Wafa uBela; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba yinkosi esikhundleni sakhe.

45. Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe.

46. Wafa uHushamu; uHadadi, indodana kaBedadi, owanqoba abakwaMidiyani ethafeni lakwaMowabi, waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyi-Aviti.

47. Wafa uHadadi; uSamla waseMasireka waba yinkosi esikhundleni sakhe.

48. Wafa uSamla; uShawule waseRehoboti ngaseMfuleni* waba yinkosi esikhundleni sakhe.

49. Wafa uShawule; uBali Hanani indodana ka-Akibori waba yinkosi esikhundleni sakhe.

1 Izikronike 1