1 Izikronike 1:28-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Amadodana ka-Abrahama: ngo-Isaka no-Ishmayeli.

29. Lezi ziyizizukulwane zabo: izibulo lika-Ishmayeli uNebayoti, noKedari, no-Adibeli, noMibisamu,

30. noMishima, noDuma, noMasa, noHadadi, noThema,

31. noJeturu, noNafishi, noKhedema. Labo babe ngamadodana ka-Ishmayeli.

32. Amadodana kaKetura, isancinza sika-Abrahama: wazala oZimrani, noJokishani, noMedani, noMidiyani, no-Ishibaki, noShuwa. Amadodana kaJokishani: ngoSheba noDedani.

33. Amadodana kaMidiyani: ngo-Efa, no-Eferi, noHanoki, no-Abida, no-Elidaha. Bonke labo babe ngamadodana kaKetura.

34. U-Abrahama wazala u-Isaka. Amadodana ka-Isaka: ngo-Esawu no-Israyeli.

35. Amadodana ka-Esawu: ngo-Elifazi, noRehuweli, noJewushe, noJalamu, noKora.

36. Amadodana ka-Elifazi: ngoThemani, no-Omari, noSefi, noGathamu, noKenazi, noThimna, no-Amaleki.

37. Amadodana kaRehuweli: ngoNahati, noZera, noShama, noMiza.

38. Amadodana kaSeyiri: ngoLothani, noShobali, noSibeyoni, no-Ana, noDishoni, no-Eseri, noDishani.

39. Amadodana kaLothani: ngoHori noHomamu; udadewabo kaLothani wayenguThimna.

40. Amadodana kaShobali: ngo-Aliyani, noManahati, no-Ebali, noShefi, no-Onamu. Amadodana kaSibeyoni: ngo-Aya no-Ana.

41. Amadodana ka-Ana: nguDishoni. Amadodana kaDishoni: ngoHamrani, no-Eshibani, noJitrani, noKerani.

42. Amadodana ka-Eseri: ngoBilihani, noZahawana, noJahakhani. Amadodana kaDishani: ngo-Use no-Arana.

1 Izikronike 1